Abazingela igesi namafutha KwaZulu-Natal bahlangane nembibizane kanye nezinsongo zokuyiswa kwalenkampani yokuhlola evela eTexas, enkantolo ngenxa yokuphula imigomo emayelana nemvelo. Inkampani iRhino Resources ifake isicelo ukugunyazwa ukucinga igesi, nowoyela nokunye endaweni enamapulazi ayizinkulungwane eziyishumi, endaweni ethatha amaphesenti ayishumi nesithupha maphakathi nesifundazwe.
Ngemuva kochuchungechunge oluvuthayo ngesikhathi semihlangano yomphakathi emadolobheni amaningana ngenyanga eyedlule, abakwaRhino baxwayiswe ukuthi bangabhekana nezinyathelo zenkantolo ngenxa yokuphambana nemigomo emayelana ne Fracking egwema ukubholwa noma ukuqhumbuzwa kwezindawo lapho kungadungeka imifula, imithombo kanye namaxhaphozi.
Emihlanganweni yomphakathi ekade ise Ashburton, Lions River, Mooi River nakwezinye izindawo, abaRhino bathola ukuphikiswa kakhulu ngabalimi bendawo kanye namalungu omphakathi. Abanye babephethe izingqwembe ezibhalwe “Angifun’ Ifracking”, “Amandla elanga Kunawe Gesi”. uPhillip Steyn wakwa Rhino Oil & Gas wahluleka ukuphendula imibuzo eminingi, Omunye wawo ilapho ebuzwa uFrancois Du Toit ophethe iAfrican Conservation Trust ukuthi bazimesele ngokudlisa ushevu abantwana abangaki ukuze bagcwalise amaphakethe abo noma bafeze izidingo zabo.
Umphakathi waKwaZulu- Natal uzokhumbula futhi kumele ukuxwaye ukuthi inkampani yakwa Soekor yachitha iminyaka, ubhola izimbobo ngemishini ngesikhathi sangama 1960 kodwa abazange bawuthole uwoyela.
Balinganiselwa kwizinkulungwane ezintathu abantu asebesayine isicelo simayelana nokungavumeli ukuhlolwa ngalaba abafake lesisicelo semvume. uNikki Brighton wase Dargle uthe “abantwana besikole bangenele ngokuthi babhale izincwadi eziphikisayo, zithumelelwe kuhulumeni.
Umhlangano owawuse Matatiele wavalwa uModimo Lebenya ngelithi habashwe, ukhala ngokungabi khona kwenhlonipho kulaba abafaka isicelo ngokungaceli imvumo kuye kuqala Ngaphambi kokuba baze ukuzomutshela ukuthi bazokwenzani endaweni yakhe kanye nabantu bakhe. Elinye ilunga lomphakathi kade liqeda ukubabuza ukuthi bayayazi yini iNkosi yakulendawo abakhuluma ngayo, laqhubeka lathi banenhlanhla yokuthi abantu sebaphucezeka bayalalela ngoba ngesikhathi esidlule bebezovele bathi “HABASHWE” bashiswe babulawe.